Jump to content

Uchakide

Kubuya ku Wikipedia
Uchakide

Uchakide uyisilwane esincane sasendle esinomzimba omude nomsila omude. Unemilenze emufishane futhi uhamba ngokushesha. Uchakide utholakala ezindaweni eziningi zase-Afrika futhi uyisilwane esikwazi ukuzivikela kahle.[1]

Uchakide udla izilwane ezincane njengezinyoka, amagundane, izibankwa, izinambuzane nezinyoka ezincane. Uchakide usebenzisa amazinyo nezinzipho ukubamba nokudla inyamazane yakhe.[2]

Uchakide uzalana ngokuthi insikazi ikhulelwe bese izala amazinyane. Amazinyane azalelwa endaweni evikelekile, njengasemgodini noma emfantweni. Umama uyawanakekela futhi awafundise ukuthola ukudla nokuzivukela aze akhule.[3]

  1. ↑ "Mongoose | Species & Facts | Britannica". www.britannica.com (in i-English). 2026-08-21. Kulandwe ngomhlaka 2026-09-23.
  2. ↑ "Mongoose | Species & Facts | Britannica". www.britannica.com (in i-English). 2026-08-21. Kulandwe ngomhlaka 2026-09-23.
  3. ↑ References, Alina Bradford In (2015-10-23). "Mongoose Facts". Live Science (in i-English). Kulandwe ngomhlaka 2026-09-23.