Izitshalo

Izitshalo ziyiziphili emvelendeni ezakha umbuso wezitshalwa. Ziyiziphili zomdibakhanya, okusho ukuthi zithola isidlakasi sazo ekukhanyeni kweLanga. Lokho zikwenza ngokusebenzisa uhlazazane olusemaqabungeni azo ukuze zikhiqize ushukela ngamanzi nomCalahle ontuhlambili. Ezingabalwa kulokhu izitshalo eziyizinhlwithamsoco ezingenazo izifuzisi zohlazazane nomdibakhanya njengoba zithola isidlakalasi kusuka kwezinye izitshalo nokhunta. Izitshalo eziningi zingomangqamuzana ngaphandle kolwelwe.
Ngokomlando, njengomchazampilo ka-Aristotile, umbuso wezitshalo wawuhlanganisa konke okuphilayo okungezona izilwane, kuhlanganisa nokukhunta. Izincasiselo zanamuhla azisahlanganise konke okuphilayo, ezinye azilubali nhlobo ukhunta.
Kukhona imiqhinqo eyizi-380,000 eyaziwayo yezitshalo futhi eziyizi-260,000 zithela imbewu. Ziyahlukahlukana ngokobungako kusuka emangqamuzaneni kuya emithini eyizidlomothi. Izitshalo eziluhlaza yizo ezihlinzeka umhlaba ngemizwayo yesohwe eyanele ushukela eziwukhiqizayo wona uhlinzeka izimpilandawonye neziphili zomhlaba ngesidlakalasi.
Okusanhlamvu, izithelo nezilimo zazilokhu ziwukudla okuyisisekelo kwabantu kusukela endulo. Abantu basebenzisa izitshalo ukwenza Izinto eziningi ezihlanganisa ukuba izithako zokwakha, izithako zokubhala, ukuhlobisa, namakhambi wokwelapha. Inzululwazi ezicwaninga ngezitshalo zibizwa ngokuthi umchazazitshalo okuyigatsha lomchazampilo.
Izitshalo ezitholakala eNingizimu Afrika
[hlela | Hlela umthombo]Ungafunda futhi: Izithelo, Imifino, Utshani, Ubutshani
| Igama lesiZulu | Igama lesiNgisi | Igama lesayensi | Izithombe |
|---|---|---|---|
| Izihlahla | |||
| Umthombe | Natal fig | Ficus natalensis | |
| Umkhanyakude | Fever tree | Vachellia xanthophloea | |
| Umsinsi | Coral tree | Erythrina lysistemon | |
| Umfongothi | Sausage tree | Kigelia africana | |
| Isibhaha | Pepper bark tree | Warburgia salutaris | |
| Ilala | Lala palm | Hyphaene coriacea | |
| Isundu | Wild date palm | Phoenix reclinata | |
| Izimbali nezinye izitshalo | |||
| Isigude | Crane flower | Strelitzia reginae | |
| Imphepho | Licorice plant | Helichrysum petiolare | |
| Umhlonyane | African wormwood | Artemisia afra | |
| Unsukumbili | Hypericum aethiopicum | ||
| Ishongwe, Ishowe | Xysmalobium | ||
| Ugobho | River pumpkin | Gunnera perpensa | |
| Ilabatheka | African potato | Hypoxis hemerocallidea | |
| Izitshalo ezigcina amanzi (Succulent plants) | |||
| Inhlaba | Aloe | ||
| Inkalane | Krantz aloe | Aloe arborescens | |
| Umhlonhlo | Candelabra tree, Naboom | Euphorbia ingens, Euphorbia cooperi | |
Izinkomba
[hlela | Hlela umthombo]Kenrick, Paul; Crane, Peter R. (1997). The origin and early diversification of land plants: A cladistic study. Washington, D.C.: Smithsonian Institution Press.[1]
Hull, David L. (2010). Science as a Process: An Evolutionary Account of the Social and Conceptual Development of Science. University of Chicago Press. p. 82.[2]
Copeland, H. F. (1956). The Classification of Lower Organisms. Pacific Books. p. 6.[3]
- ↑ Kenrick, Paul,Crane,Peter r.(1997). The original and early diversification of land plants: A cladistic study. Washington, D.C.: Smothsonian Institution Press
- ↑ Hull, David L. (2010). Science as a Process: An Evolutionary Account of the Social and Conceptual Development of Science. University of Chicago Press. p.82
- ↑ Copeland, H. F. (1956). The classification of Lower Organisms. Pacific. p. 6.
| Wikimedia Commons has media related to: Izitshalo |













