Jump to content

Izitshalo

Kubuya ku Wikipedia
Izitshalo ezinhlobonhlobo

Izitshalo ziyiziphili emvelendeni ezakha umbuso wezitshalwa. Ziyiziphili zomdibakhanya, okusho ukuthi zithola isidlakasi sazo ekukhanyeni kweLanga. Lokho zikwenza ngokusebenzisa uhlazazane olusemaqabungeni azo ukuze zikhiqize ushukela ngamanzi nomCalahle ontuhlambili. Ezingabalwa kulokhu izitshalo eziyizinhlwithamsoco ezingenazo izifuzisi zohlazazane nomdibakhanya njengoba zithola isidlakalasi kusuka kwezinye izitshalo nokhunta. Izitshalo eziningi zingomangqamuzana ngaphandle kolwelwe.

Ngokomlando, njengomchazampilo ka-Aristotile, umbuso wezitshalo wawuhlanganisa konke okuphilayo okungezona izilwane, kuhlanganisa nokukhunta. Izincasiselo zanamuhla azisahlanganise konke okuphilayo, ezinye azilubali nhlobo ukhunta.

Kukhona imiqhinqo eyizi-380,000 eyaziwayo yezitshalo futhi eziyizi-260,000 zithela imbewu. Ziyahlukahlukana ngokobungako kusuka emangqamuzaneni kuya emithini eyizidlomothi. Izitshalo eziluhlaza yizo ezihlinzeka umhlaba ngemizwayo yesohwe eyanele ushukela eziwukhiqizayo wona uhlinzeka izimpilandawonye neziphili zomhlaba ngesidlakalasi.

Okusanhlamvu, izithelo nezilimo zazilokhu ziwukudla okuyisisekelo kwabantu kusukela endulo. Abantu basebenzisa izitshalo ukwenza Izinto eziningi ezihlanganisa ukuba izithako zokwakha, izithako zokubhala, ukuhlobisa, namakhambi wokwelapha. Inzululwazi ezicwaninga ngezitshalo zibizwa ngokuthi umchazazitshalo okuyigatsha lomchazampilo.

Izitshalo ezitholakala eNingizimu Afrika

[hlela | Hlela umthombo]

Ungafunda futhi: Izithelo, Imifino, Utshani, Ubutshani

Izitshalo ezitholakala eNingizimu Afrika
Igama lesiZulu Igama lesiNgisi Igama lesayensi Izithombe
Izihlahla
Umthombe Natal fig Ficus natalensis
Umkhanyakude Fever tree Vachellia xanthophloea
Umsinsi Coral tree Erythrina lysistemon
Umfongothi Sausage tree Kigelia africana
Isibhaha Pepper bark tree Warburgia salutaris
Ilala Lala palm Hyphaene coriacea
Isundu Wild date palm Phoenix reclinata
Izimbali nezinye izitshalo
Isigude Crane flower Strelitzia reginae
Imphepho Licorice plant Helichrysum petiolare
Umhlonyane African wormwood Artemisia afra
Unsukumbili Hypericum aethiopicum
Ishongwe, Ishowe Xysmalobium
Ugobho River pumpkin Gunnera perpensa
Ilabatheka African potato Hypoxis hemerocallidea
Izitshalo ezigcina amanzi (Succulent plants)
Inhlaba Aloe
Inkalane Krantz aloe Aloe arborescens
Umhlonhlo Candelabra tree, Naboom Euphorbia ingens, Euphorbia cooperi

Izinkomba

[hlela | Hlela umthombo]

Kenrick, Paul; Crane, Peter R. (1997). The origin and early diversification of land plants: A cladistic study. Washington, D.C.: Smithsonian Institution Press.[1]

Hull, David L. (2010). Science as a Process: An Evolutionary Account of the Social and Conceptual Development of Science. University of Chicago Press. p. 82.[2]

Copeland, H. F. (1956). The Classification of Lower Organisms. Pacific Books. p. 6.[3]

  1. ↑ Kenrick, Paul,Crane,Peter r.(1997). The original and early diversification of land plants: A cladistic study. Washington, D.C.: Smothsonian Institution Press
  2. ↑ Hull, David L. (2010). Science as a Process: An Evolutionary Account of the Social and Conceptual Development of Science. University of Chicago Press. p.82
  3. ↑ Copeland, H. F. (1956). The classification of Lower Organisms. Pacific. p. 6.