Isiqiwu sikazwelonke

Isiqu sikazwelonke siyisiqiwu semvelo esikhethwe ngehloso yokulondoloza ngenxa yokubaluleka kwaso okungokwemvelo, okungokomlando, noma okungokwesiko kuzwelonke. Siyindawo engokwemvelo, noma ethuthukisiwe evikelwe futhi ephethwe uhulumeni. Yize ohulumeni bephethe izindinganiso ezahlukahlukene zokuhlonzwa kwesiqiwu sikazwelonke, ukulondolozwa 'kwemvelo yasendle' egameni labaseza nanjengophawu lokuziqhenya kwesizwe kuyisisusa esivamile sokuvikelwa okuqhubekayo kwazo zonke isiqiwu zikazwelonke emhlabeni wonke. Iziqiwu zikazwelonke cishe ngaso sonke isikhathi zingafinyelelwa umphakathi. Ngokuvamile iziqiwu zikazwelonke zithuthukiswa, ziphathwe umikazi okungohulumeni bezizwe, nakuba kwamanye amazwe anezinhlobo zikahulumeni wezifundazwe ezinqokothelwe noma ezihlukanisiwe, "iziqiwu zikazwelonke" zingaba yisibopho weziphathimandla zezifundazwe, zesifunda, noma zendawo.
ElaseMelika lasungula Isiqiwu sikazwelonke iYellowstone, "isiqiwu somphakathi sokuqala noma indawo yokuzijabulisa ukuze kuzuze futhi ithokozise abantu", ngowe-1872.[1] Yize iYellowstone ingabizwanga ngokusemthethweni ngokuthi "isiqiwu sikazwelonke" ngaleso sikhathi, empeleni ibhekwa kabanzi njengesiqiwu sikazwelonke sokuqala nesidala kunazo zonke emhlabeni.[2] Isiqiwu sehlathi esibizwa Tobago Main Ridge Forest Reserve (endaweni manje ebizwa ngokuthi iTrinidad and Tobago; sasungulwa ngo-we1776) [3] nendawo ezungeze intaba IBogd Khan Uul (Mongolia, 1778), eyayivinjelwe ukulinywa ukuze kuvikelwe izindawo zokulima ezizungezile, ibhekwa njengezindawo ezindala kakhulu ezivikelwe ngokomthetho.[4][5] Inhlangano yeziqiwu iParks Canada, eyasungulwa ngoMeyi 19, 1911, iyinkonzo yesiqiwuvsikazwelonke endala kunazo zonke emhlabeni.[6]
INhlangano ebizwa International Union for Conservation of Nature (IUCN) kanye ne-World Commission on Protected Areas (WCPA) zichasisa "isiqiwu sikazwelonke" njengohlobo lwayo lweSigaba II sezindawo ezivikelwe.[7] Ngokusho kwalenhlangano i-IUCN, iziqiwu zikazwelonke ziyizi-6,555 emhlabeni wonke ezahlangabezana nezindinganiso zayo ngowezi-2006. I-IUCN isadingida ngezimpawu zokuchasisa isiqiwu sikazwelonke.
- ↑ "Evolution of the Conservation Movement, 1850-1920". American Memory - Library of Congress. Archived from the original on 23 January 2017.
- ↑ "Yellowstone National Park". UNESCO. Archived from the original on 3 June 2023. Kulandwe ngomhlaka 18 July 2023.
- ↑ "Tobago Main Ridge Forest Reserve". UNESCO. 17 August 2011. Archived from the original on 15 August 2018. Kulandwe ngomhlaka 13 August 2018. Unknown parameter
|url-status=ignored (help) - ↑ Hardy, U. (9 April 2017). "The 10 Oldest National Parks in the World". The CultureTrip. Archived from the original on 17 October 2019. Kulandwe ngomhlaka 21 December 2017. Unknown parameter
|url-status=ignored (help) - ↑ Bonnett, A. (2016). The Geography of Nostalgia: Global and Local Perspectives on Modernity and Loss. Routledge. p. 68. ISBN 978-1-315-88297-0.
- ↑ Irish, Paul (May 13, 2011). "Parks Canada celebrates a century of discovery". Toronto Star. Archived from the original on May 16, 2011. Kulandwe ngomhlaka May 18, 2011. Unknown parameter
|url-status=ignored (help) - ↑ "Category II: National Park". IUCN. 5 February 2016. Archived from the original on 18 November 2019. Kulandwe ngomhlaka 25 July 2018. Unknown parameter
|url-status=ignored (help)